“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona. Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
“Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori. Kodwa nina enanamathela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nisaphila nonke nanamuhla.
“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle. Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’ Yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoba enjalo uSimakade uNkulunkulu wethu noma yinini lapho simbiza, na? Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?
“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi, lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’
“Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama. USimakade wakhuluma kini ephakathi emlilweni; nezwa izwi likhuluma, kodwa anibonanga simo, nezwa izwi kuphela. Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.