“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona. Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo. “Amehlo enu abonile okwenziwa nguJehova ngenxa kaBali Peyori ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wabachitha phakathi kwakho bonke abantu ababemlandela uBali Peyori. Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla. “Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla. Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’ Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na? Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na? “Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho: usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’ Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye. UJehova wayesekhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi likhuluma, kepha anibonanga simo, kwakuyizwi kuphela. Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
Funda UDuteronomi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDuteronomi 4:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo