IDutheronomi 19

19
Imizi Emithathu Yokuphephela
1 “Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezishabalalisile izizwe ezizwe lazo uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, wena uzixoshe, bese uhlala emizini yazo nasezindlini zazo. 2 Uyozehlukanisela imizi emithathu phakathi nezwe lakho uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle. 3Uyolungisa indlela, wehlukanise kathathu izifunda zezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa, ukuze bonke ababulali babalekele lapho.
4 “Kuyothi uma umbulali ebalekela khona, aphile: yilowo nalowo oyobulala umakhelwane wakhe engaqondile, futhi ebengamzondi phambilini, 5nomuntu oyohamba nomngani wakhe baye ehlathini ukuyogawula imithi, kuthi esagawula, kuphume insimbi emphinini wembazo imshaye umakhelwane wakhe, afe, lowo muntu uyobalekela komunye wale mizi. 6Kungenzeka umphindiseli wegazi amlandele umbulali esagcwele intukuthelo enhliziyweni yakhe, amfice, ngoba umuzi ukude, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebengazange amzonde phambilini. 7Ngalokho ngiyakuyala ngithi: ‘Uyakuzehlukanisela imizi emithathu.’
8 “Uma uSimakade uNkulunkulu wakho eyandisa indawo yakho, njengalokhu ayefungile kokhokho bakho, akunike lonke izwe ethembisa ukulinika okhokho bakho, 9 uyoyigcina yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba uyenze, ukumthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ukuhamba nsuku zonke ngezindlela zakhe, uyozithasiselela futhi ngeminye imizi emithathu ngaphezu kwalena emithathu ekhona, 10 ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.
11 “Kepha uma umuntu ezonda umakhelwane wakhe, amlalele unyendle, amvukele, amshaye ambulale, abalekele komunye wale mizi, 12 amalunga akulowo muzi ayothumela, alandwe lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba abulawe. 13 Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”
Umthetho Wemingcele
14 “Awuyukuwugudlula umngcele kamakhelwane wakho owamiswa ngokhokho, ukuba ube yindawo yefa lakho oyakulidla ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle.”
Umthetho Wokwethulwa Kobufakazi
15 “Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.
16 “Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi, 17 bobabili labo bantu abaxabeneyo bayokuma phambi kukaSimakade, naphambi kwabaphristi nabehluleli abayobe bekhona ngaleso sikhathi. 18 Abehluleli bayophenyisisa; bheka, uma ufakazi engufakazi mbumbulu obefakaza amanga ngomuntu wezwe lakubo, 19 uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu. 20Abaseleyo bayozwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwenu. 21 Iso lakho aliyukuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 19: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume