IDutheronomi 18
18
Isabelo Sabaphristi AbangabaLevi
1 “Abaphristi abangabaLevi, sonke isizwana sakwaLevi asiyukuba nasabelo nafa no-Israyeli. Sona siyakudla iminikelo yomlilo kaSimakade nefa lakhe. 2 Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye.
3 “Lokhu kuyoba yilungelo labaphristi elivela kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma yinkomo noma yimvu; bayonika umphristi umkhono, imihlathi yomibili nenanzi. 4Uyomnika futhi ulibo lokusanhlamvu kwakho, olwewayini lakho, olwamafutha akho amasha, nezandulela zoboya bezimvu zakho. 5 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ukhethe yena kuzo zonke izizwe zakini ukuba ame, akhonze egameni likaSimakade, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.
6“Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade, 7uyokhonza egameni likaSimakade uNkulunkulu wakhe njengabo bonke abafowabo, abaLevi, abama lapho phambi kukaSimakade, bemkhonza. 8 Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”
Isixwayiso Ngokwenza Izinengiso Zabezizwe
9 “Kuyothi nxa usufike ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe. 10 Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi, 11 owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi. 12Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. 13 Mawungabi nacala kuSimakade uNkulunkulu wakho.
Isithembiso Sokuthunyelwa Komphrofethi
14“Lezo zizwe oyoziphuca izwe lazo ziyabalalela abahlola imihlola nezangoma, kodwa wena uSimakade uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo. 15 USimakade uNkulunkulu wakho uyokuvusela umphrofethi onjengami phakathi kwakho, kubafowenu; niyomlalela yena, 16 njengakho konke owakucela kuSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe ngosuku lomhlangano, wathi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, nalo mlilo omkhulu kangaka mangingabe ngisawubona, funa ngife.’
17 “USimakade wayesethi kimi: ‘Benze kahle ngalokho abakukhulumile. 18Ngizobavusela umphrofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, uyobatshela konke engimyala ngakho. 19 Yilowo nalowo ongayukuwalalela amazwi ami ayowakhuluma eGameni lami, Mina ngiyobheka ukuba aziphendulele ngalokho. 20 Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’
21“Ungasho enhliziyweni yakho, uthi: ‘Siyakulazi kanjani izwi uSimakade angalikhulumanga, na?’
22 “Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”
Okuqokiwe okwamanje:
IDutheronomi 18: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.