IDutheronomi 20

20
Umthetho Wempi
1 “Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe. 2Kuyothi lapho nisondela empini, umphristi afike akhulume kubantu, 3 athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo. 4 USimakade uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuze aniphe ukunqoba.’
5“Izinduna ziyothi kubantu: ‘Iyiphi indoda eyakhe indlu entsha engakayivuli, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isale iyivula. 6Iyiphi indoda etshale isivini engakazidli izithelo zaso, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isidla. 7 Ngumuphi umuntu onengoduso angakayithathi, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, bese ithathwa ngomunye umuntu.’ 8 Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’ 9Kuyothi lapho izikhulu seziqedile ukukhuluma kubantu, bese zikhetha izinduna ezizohola amabutho.
10“Kuyothi lapho ususondele emzini oyolwa nawo, umemezele ukuthula kuwo. 11Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze. 12Kepha uma nawe ungafuni ukwenza ukuthula, kodwa uzimisele ukulwa, uyokuwuhlasela, uwubhubhise. 13USimakade uNkulunkulu wakho uyowunikela esandleni sakho, wena uyobhubhisa abesilisa bawo ngenkemba. 14 Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona. 15Uyokwenza kanjalo kuyo yonke imizi ekude nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.
16 “Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo. 17Uyoyibhubhisa impela: uwabhubhise amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, 18 ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.
19“Uma uvimbezela umuzi isikhathi eside ulwa nawo ukuze uwudle, awuyukuzicekela phansi izihlahla ngokuzigawula ngezembe, ngokuba uyakudla kuzo; ungazigawuli, ngokuba isihlahla sasendle singumuntu yini ukuba ungaze usihlasele, na? 20Izihlahla ozaziyo ukuthi aziyizo ezezithelo ezidliwayo, uyakuzibhubhisa, uyakuzigawula, wakhe ngazo izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwunqobe.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 20: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume