IDutheronomi 16:1-8

IDutheronomi 16:1-8 ZUL20

“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku. Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe. Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho. Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa. “Iphasika awuyukulihlabela emizini yakho ewayinikwa nguSimakade uNkulunkulu, kodwa niyokulihlabela endaweni uSimakade uNkulunkulu wenu ayoyiqokela ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Niyolihlabela lapho iphasika ekushoneni kwelanga kusihlwa, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibhithe. Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho. Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.