UDuteronomi 16:1-8
UDuteronomi 16:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku. Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo. Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse. “Awunakuhlaba iphasika phakathi kwamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona; kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo, lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe. Uyakulipheka, ulidle endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, uphenduke ekuseni, uye ematendeni akho. Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngosuku lwesikhombisa kube ngumhlangano ozothileyo kuJehova uNkulunkulu wakho; ungasebenzi msebenzi.
UDuteronomi 16:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika ekudumiseni uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku. Ngakho uzahlabela uJehova uNkulunkulu wakho iphasika endaweni yezimvu leyenkomo endaweni uJehova azayikhetha ukuthi abeke khona ibizo lakhe. Ungadli isinkwa esivutshelweyo kanye nayo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa sosizi; ngoba waphuma ngokushesha ezweni laseGibhithe ukuze ukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho. Izinsuku eziyisikhombisa akuyikubonwa imvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke; futhi akuyikusala lutho lwenyama oyihlabile kusihlwa ngosuku lokuqala kuze kube sekuseni. Ungalihlabeli iphasika kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona. Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukumisa igama lakhe kuyo, lapho kumelwe uhlabele iphasika kusihlwa, ekushoneni kwelanga, ngesikhathi sokuphuma kwakho eGibhithe. Kumelwe ukusose futhi ukudlele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha; kumelwe uphenduke ekuseni uye ematendeni akho. Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngosuku lwesikhombisa kube nomkhosi kaJehova uNkulunkulu wakho
UDuteronomi 16:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku. Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe. Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho. Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa. “Iphasika awuyukulihlabela emizini yakho ewayinikwa nguSimakade uNkulunkulu, kodwa niyokulihlabela endaweni uSimakade uNkulunkulu wenu ayoyiqokela ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Niyolihlabela lapho iphasika ekushoneni kwelanga kusihlwa, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibhithe. Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho. Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.