IDutheronomi 16

16
Imikhosi Emithathu Emikhulu
Umkhosi Wephasika
1 “Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku. 2Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe. 3 Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho. 4 Akuyukubonakala mvubelo kuwe endaweni yakho yonke, izinsuku eziyisikhombisa. Akuyukuba bikho nyama yomhlatshelo eyakusala ngosuku lokuqala kusihlwa, kuze kube ngakusasa.
5“Iphasika awuyukulihlabela emizini yakho ewayinikwa nguSimakade uNkulunkulu, 6 kodwa niyokulihlabela endaweni uSimakade uNkulunkulu wenu ayoyiqokela ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Niyolihlabela lapho iphasika ekushoneni kwelanga kusihlwa, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibhithe. 7Uyolipheka, ulidle endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha, bese uphenduka ekuseni ubuyela emathendeni akho. 8 Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.
Umkhosi Wamasonto
9 “Uyozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqale ngaso ukuvuna okusanhlamvu, uqale ubale amasonto ayisikhombisa. 10Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile. 11 Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona. 12Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.
Umkhosi Wamadokodo
13 “Uyogcina uMkhosi Wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa, emveni kokubutha okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho, 14 wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ophakathi kwamasango akho. 15Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
16 “Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni. 17Yilowo nalowo uyokhipha ngokwamandla akhe, nanjengokwesibusiso uSimakade uNkulunkulu wakho amuphe sona.”
Ukukhethwa Kwabehluleli Nezinduna
18“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo. 19 Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo. 20 Uyokwenza ubulungiswa kuphela ukuze uphile, ulidle izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.”
Insika Ka-Ashera Mayingagxunyekwa
21 “Ungazigxumekeli insika ka-Ashera yanoma luhlobo luni lwesihlahla eceleni kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho oyakuzakhela lona. 22 Ungazimiseli insika eyoba yisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume