IDutheronomi 11:18-21

IDutheronomi 11:18-21 ZUL20

Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana bakho ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzobanika lona, inqobo nje uma umkhathi usephezu komhlaba.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IDutheronomi 11:18-21

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo