IDutheronomi 11

11
Umyalo Wokumesaba Nokumthanda USimakade Usaqhubeka
1 “Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke. 2 Yazini namuhla ukuthi akubona abantwana benu abangazanga nabangabonanga ukufundisa kukaSimakade uNkulunkulu wenu, ubukhulu bakhe, isandla sakhe esinamandla, ukwenza kwakhe okumangalisayo, 3izibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe azenza phakathi kweGibhithe, kuFaro inkosi yaseGibhithe nakulo lonke izwe lakhe, 4 nalokho akwenza empini yaseGibhithe, emahhashini abo, nasezinqoleni zabo zempi, lapho enza amanzi oLwandle Lomhlanga ukuba abaminzise ngesikhathi benixosha. USimakade wababhubhisa kuze kube namuhla. 5Lokho akwenza kini ehlane naze nafika kule ndawo, 6 nalokho akwenza kuDathani naku-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe kaRubeni, lapho umhlaba uvula umlomo wawo ubagwinya nabendlu yabo, amathende abo, nayo yonke imfuyo yabo eyayiphakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli. 7Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.
8 “Ngalokho-ke niyoyigcina yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla ukuze nibe namandla, ningene, nilidle izwe eniwelela kulo ukuba nilidle, 9 nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uSimakade afunga ngalo kokhokho benu ukubanika lona nezizukulwane zabo, izwe elichichima ubisi noju. 10Izwe enizongena kulo ukuba nilidle alifani neGibhithe enaphuma kulo, lapho wawuvame ukuhlwanyela khona imbewu yakho, uyinisele njengesivande semifino, 11 kodwa izwe eniya kulo ukuba nilidle liyizwe lezintaba nezigodi, liphuza amanzi emvula yezulu. 12Liyizwe uSimakade uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaSimakade uNkulunkulu wakho ahlala eliqaphe njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni kwawo.
13 “Kuyothi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, 14 ngiyolinika izwe lakini imvula ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yakamuva, ukuba ubuthe okusanhlamvu kwakho, iwayini elisha lakho, namafutha akho. 15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyodla, waneliswe.
16“Qaphelani funa inhliziyo yenu ikhohliseke, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, 17 bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona. 18 Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. 19 Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. 20 Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho 21ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana bakho ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzobanika lona, inqobo nje uma umkhathi usephezu komhlaba.
22 “Uma niyigcina nokuyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye, 23uSimakade uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizinqobe izizwe ezinkulu nezinamandla kunani. 24 Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona, iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebhanoni nasemfuleni, umfula iYufrathe, kuze kube solwandle olungasentshonalanga, iyakuba yindawo yenu. 25 Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu uyakufaka uvalo nokwesaba ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokhu akhuluma kini.
26 “Bheka, ngibeka phambi kwenu namuhla isibusiso nesiqalekiso. 27 Isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla. 28 Isiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, bese nilandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.
29 “Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wenu eningenisa ezweni eniya kulo ukulidla, nimemezele isibusiso nisentabeni iGerizimu nesiqalekiso nisentabeni i-Ebhali. 30 Lezi zindawo azingaphesheya yini kweJordani endleleni ebheke entshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, maqondana neGiligali ngaseceleni kwemi-okhi eMore, na? 31 Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukuba nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, niyakulidla, nihlale kulo. 32Niyakuqikelela ukugcina zonke izimiso nezehlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume