IDutheronomi 1:26-40

IDutheronomi 1:26-40 ZUL20

“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kodwa nahlubuka esiyalezweni sikaSimakade uNkulunkulu wenu; nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise. Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’ “Ngase ngithi kini: ‘Ningabi naluvalo, ningabesabi. USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka. Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ “Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu, owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini. “USimakade wezwa izwi enalikhuluma, wathukuthela, wafunga wathi: ‘Impela akukho namunye kulaba bantu balesi sizukulwane esibi oyolibona izwe elihle engafunga ukulinika okhokho babo, ngaphandle kukaKhalebhu indodana kaJefune. Nguyena kuphela oyolibona. Ngiyakumnika izwe anyathele kulo, yena nabantwana bakhe, ngokuba wamlandela ngokupheleleyo uSimakade wakhe.’ “Nami uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyukungena kulo; nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe. Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle. Nina-ke jikani, niye ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.’