UDuteronomi 1:26-40

UDuteronomi 1:26-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kodwa nahlubuka esiyalezweni sikaSimakade uNkulunkulu wenu; nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise. Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’ “Ngase ngithi kini: ‘Ningabi naluvalo, ningabesabi. USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka. Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ “Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu, owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini. “USimakade wezwa izwi enalikhuluma, wathukuthela, wafunga wathi: ‘Impela akukho namunye kulaba bantu balesi sizukulwane esibi oyolibona izwe elihle engafunga ukulinika okhokho babo, ngaphandle kukaKhalebhu indodana kaJefune. Nguyena kuphela oyolibona. Ngiyakumnika izwe anyathele kulo, yena nabantwana bakhe, ngokuba wamlandela ngokupheleleyo uSimakade wakhe.’ “Nami uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyukungena kulo; nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe. Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle. Nina-ke jikani, niye ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.’

UDuteronomi 1:26-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu; nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe. Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’ “Ngase ngithi kini: ‘Ningashaywa luvalo, ningabesabi. UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu, nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ “Noma kunjalo, anikholwanga nokho nguJehova uNkulunkulu wenu owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini. “UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi: ‘Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’ “Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyikungena khona; uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo. Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle. Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’

UDuteronomi 1:26-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kodwa anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu. Nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wayesizondile, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuze asinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise. Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho. Ngase ngithi kini: Ningabesabi, ningabesabi. UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe; Ehlane, lapho wabona khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuzala, njengalokho umuntu ezala indodana yakhe, endleleni yonke owahamba ngayo, naze nafika kule ndawo. Kodwa kule ndaba anikholwanga nguJehova uNkulunkulu wenu; owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo yokumisa amatende enu, emlilweni ebusuku, ukuze anibonise indlela eniyakuhamba ngayo, nangefu emini. UJehova wezwa izwi lamazwi enu, wathukuthela, wafunga wathi: Impela akakho kulawa madoda alesi sizukulwane esibi oyobona lelo zwe elihle engafunga ukulinika oyihlo, Khululani uKalebi indodana kaJefune; uyakulibona, ngimnike izwe alinyathele yena nabantwana bakhe, ngokuba umlandele uJehova ngokupheleleyo. UJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyikungena khona. Kodwa uJoshuwa, indodana kaNuni, omi phambi kwakho, nguyena oyakungena khona; mkhuthaze, ngokuba uyakwenza u-Israyeli adle ifa lalo. Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu ababengakwazi ngalolo suku okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle. Kepha nina phendukani, ningene ehlane ngendlela yoLwandle Olubomvu.