Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangani bakhe ukuba babulawe. Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyokhi, induna yemilindankosi, owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBhabhele; wathatha wathi ku-Ariyokhi, induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyokhi wayesemazisa uDaniyeli indaba. UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo. UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, watshela uHananiya, uMishayeli, no-Azariya, abangani bakhe, le ndaba ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangani bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhele. Ngakho-ke yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli, ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.
Funda UDaniyeli 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDaniyeli 2:13-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo