Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe. Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele; wathatha wathi ku-Ariyoki induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyoki wayesemazisa uDaniyeli indaba. UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo. UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, wazisa oHananiya, noMishayeli, no-Azariya, abangane bakhe, le ndaba ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele. Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.
Funda UDaniyeli 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDaniyeli 2:13-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo