IZenzo 5:1-11

IZenzo 5:1-11 ZUL20

Indoda ethile, egama layo kungu-Ananiya, kanye nomkayo uSafira, bathengisa ngendawo. Kepha yagodla enye ingxenye yemali, nomkayo azi, yaletha ingxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli. UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na? Le ndawo ingakathengiswa bekungesiyo yini eyakho na? Lapho seyithengisiwe ibingekho yini emandleni akho na? Pho yini unqume ukwenza lobu bubi enhliziyweni yakho na? Awuqambanga nje amanga kubantu kodwa kuNkulunkulu.” Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu. Izinsizwa zasuka, zamsonga, zamkhiphela phandle, zamngcwaba. Kwathi emuva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu, kwangena nomkakhe, wayengazi okwenzekileyo. UPhethro wayesethi kuye: “Ngitshele ukuthi indawo niyithengise ngenani elingaka na?” Wathi: “Yebo, ngelingako.” Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.” Wawa ngokuphazima kweso ngasezinyaweni zikaPhethro, wafa. Izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zamngcwaba nomyeni wakhe. Ukwesaba okukhulu kwalehlela lonke ibandla nabo bonke abezwa ngalokho.

Funda IZenzo 5