IzEnzo 5:1-11
IzEnzo 5:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha indoda ethile, igama layo lingu-Ananiya, inoSafira umkayo, yathengisa ngendawo; yagodla inxenye yemali, nomkayo ekwazi, yaletha inxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli. Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.” Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho. Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela. Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo. UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?” Wathi: “Yebo, ngokungaka.” Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.” Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe. Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.
IzEnzo 5:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa indoda ethile uAnaniya ngebizo, inoSafira umkayo, yathengisa ngendawo. Wagodla inxenye yentengo, nomkakhe ekwazi naye, waletha enye, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli. Kodwa uPetro wathi: Ananiya, kungani uSathane egcwalise inhliziyo yakho ukuze uqambe amanga kuMoya oNgcwele, njalo ugodle inxenye yentengo yensimu? Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu. U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho. Zase zisukuma izinsizwa, zambopha, zamkhiphela phandle, zammbela. Kwathi ngemva kwamahora amathathu, umkakhe wangena, engakwazi okwenzekileyo. UPetru waphendula wathi kuye: “Ngitshele, uma insimu nathengisa kangaka na? Wathi: Yebo, okungaka. UPetru wayesethi kuye: “Kungani ukuba nivumelane ukulinga uMoya weNkosi na? bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bayakukukhiphela phandle. Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, waphela; zangena izinsizwa, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela eduze kwendoda yakhe. Ukwesaba okukhulu kwehlela phezu kwebandla lonke nakubo bonke abazizwayo lezizinto.
IzEnzo 5:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Indoda ethile, egama layo kungu-Ananiya, kanye nomkayo uSafira, bathengisa ngendawo. Kepha yagodla enye ingxenye yemali, nomkayo azi, yaletha ingxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli. UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na? Le ndawo ingakathengiswa bekungesiyo yini eyakho na? Lapho seyithengisiwe ibingekho yini emandleni akho na? Pho yini unqume ukwenza lobu bubi enhliziyweni yakho na? Awuqambanga nje amanga kubantu kodwa kuNkulunkulu.” Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, waqumbeka phansi, wafa. Bonke abezwa ngalokho behlelwa wukwesaba okukhulu. Izinsizwa zasuka, zamsonga, zamkhiphela phandle, zamngcwaba. Kwathi emuva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu, kwangena nomkakhe, wayengazi okwenzekileyo. UPhethro wayesethi kuye: “Ngitshele ukuthi indawo niyithengise ngenani elingaka na?” Wathi: “Yebo, ngelingako.” Kepha uPhethro wathi kuye: “Kungani nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Uyabona-ke, izinyawo zabangcwabe umyeni wakho zisemnyango, nawe-ke bazakukukhiphela phandle.” Wawa ngokuphazima kweso ngasezinyaweni zikaPhethro, wafa. Izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zamngcwaba nomyeni wakhe. Ukwesaba okukhulu kwalehlela lonke ibandla nabo bonke abezwa ngalokho.
IzEnzo 5:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)