IzEnzo 5:1-11

IzEnzo 5:1-11 ZUL59

Kepha indoda ethile, igama layo lingu-Ananiya, inoSafira umkayo, yathengisa ngendawo; yagodla inxenye yemali, nomkayo ekwazi, yaletha inxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli. Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.” Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho. Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela. Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo. UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?” Wathi: “Yebo, ngokungaka.” Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.” Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe. Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.

Funda IzEnzo 5

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo