IZenzo 2:1-21

IZenzo 2:1-21 ZUL20

Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye. Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo. Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga. Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala, bathi: “Bonke laba abakhulumayo abasibo yini abaseGalile na? Pho kwenziwa yini ukuba sonke, ngabanye, sibezwe ngolimi esazalwa nalo na? AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya, eFrigiya, ePhamfiliya, eGibhithe, eLibhiya ngaseKhurene, izihambi ezivela eRoma, abaJuda namaphroselithe, abaseKhrethe nabase-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi, ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” Bonke bamangala, bakhungatheka, bathi omunye komunye: “Kusho ukuthini lokhu na?” Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.” Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami. Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku. Kepha lokhu yilokho okwakhulunywa ngomphrofethi uJoweli, ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha. Ngiyoveza izimangaliso esibhakabhakeni phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi nomlilo nesikhatha sentuthu. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi. Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi, asindiswe.’

Funda IZenzo 2