IzEnzo 2:1-21

IzEnzo 2:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye. Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo. Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga. Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala, bathi: “Bonke laba abakhulumayo abasibo yini abaseGalile na? Pho kwenziwa yini ukuba sonke, ngabanye, sibezwe ngolimi esazalwa nalo na? AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya, eFrigiya, ePhamfiliya, eGibhithe, eLibhiya ngaseKhurene, izihambi ezivela eRoma, abaJuda namaphroselithe, abaseKhrethe nabase-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi, ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” Bonke bamangala, bakhungatheka, bathi omunye komunye: “Kusho ukuthini lokhu na?” Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.” Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami. Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku. Kepha lokhu yilokho okwakhulunywa ngomphrofethi uJoweli, ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha. Ngiyoveza izimangaliso esibhakabhakeni phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi nomlilo nesikhatha sentuthu. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi. Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi, asindiswe.’

Dlulisela
Funda IzEnzo 2

IzEnzo 2:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya, naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma, nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?” Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.” Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami. Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku zami nezincekukazi zami ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla, ziyakuprofetha. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi. Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’

Dlulisela
Funda IzEnzo 2

IzEnzo 2:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye. Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu. Kwathi lo mdumo lo, ixuku labuthana, lasanganiseka, ngoba ngulowo lalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakibo. Bamangala bonke, bamangala, bathi omunye komunye: “Bhekani, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? Futhi thina sizwa kanjani wonke umuntu ngolimi lwakithi esazalelwa kulo na? amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya, iFrigiya, lePhamfiliya, eGibhithe, lezingxenyeni zeLibhiya zeKhurene, labafokazi beRoma, abaJuda lamaproselithe, AmaKrethe lama-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngendimi zethu imisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu. Bamangala bonke, bangabaza, bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu na? Abanye bamklolodela bathi: Lababantu bagcwele iwayini elitsha. Kodwa uPetro wema labalitshumi lanye, waphakamisa ilizwi lakhe, wathi kubo: Madoda aJudiya, lani lonke elakhileyo eJerusalema, lokhu kakwaziwe kini, lilalele amazwi ami; Ngokuba laba abadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini. Kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngumprofethi uJoweli; “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; Naphezu kwezinceku zami naphezu kwezincekukazi zami ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami; bayakuprofetha; Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi; Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo; Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.

Dlulisela
Funda IzEnzo 2

IzEnzo 2:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)