IZenzo 19:21-41

IZenzo 19:21-41 ZUL20

Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.” Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya. Kepha ngaleso sikhathi kwasuka isiphithiphithi esikhulu maqondana neNdlela. Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemethriyu, umkhandi wesiliva owayenza amathempelana esiliva ka-Artemisi, wabalethela inzuzo enkulu abakhandi besiliva. Wabaqoqa laba kanye nezisebenzi ezenza lowo msebenzi, wayesethi: “Madoda, niyazi ukuthi umcebo wethu uvela kulo msebenzi. Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla. Ngakho akusikho nje lokhu kuphela ukuthi umsebenzi wethu usengozini yokwedelelwa, kodwa nethempeli likankulunkulukazi omkhulu, u-Artemisi, kuyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe buphele nya, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.” Sebekuzwile lokho, bathukuthela bathelwa ngamanzi, bamemeza bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.” Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula. UPawula wayesefuna ukungena phakathi kwabantu, kodwa abafundi abamvumelanga. Abanye futhi bababusi base-Asiya, abangabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angalokothi angene esigcawini. Abanye babememeza besho lokhu, abanye besho lokhuya, ngokuba isixuku sasiyaluza nje, futhi abaningi bengazi nokuthi kungani bebuthene. Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu. Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.” Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na? Ngakho-ke njengoba lezo zinto zingephikwe, kufanele ukuba nizibambe, ningenzi lutho ngamawala. Ngokuba nilethe la madoda angesibo abaphangi bamathempeli noma ahlambalaza uNkulunkulu wethu. Ngakho-ke uma uDemethriyu nezingcweti zabakhandi besiliva benodaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, futhi bakhona nababusi; mabamangalelane. Kepha uma nifuna okungaphezu kwalokho, kuyakudingidwa ebandla ngokusemthethweni. Impela sisengozini yokumangalelwa ngenxa yesiphithiphithi sanamuhla, ngokuba akukho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siyaluyalu.” Kuthe esekukhulumile lokho wawuhlakaza umbuthano.

Funda IZenzo 19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo