IZenzo 19

19
Uhambo Lwesithathu LukaPawula
UPawula Ushumayela E-Efesu
1Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile, 2 wathi kubo: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwa na?”
Kepha bathi kuye: “Qha, asikaze sizwe nakuzwa ukuthi kukhona uMoya oNgcwele.”
3Wayesethi: “Kanti nabhabhadiswa kukuphi?”
Bathi: “Ngombhabhadiso kaJohane.”
4UPawula wayesethi: “UJohane wabhabhadisa ngombhabhadiso wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguYena ozakufika emuva kwakhe; lowo nguJesu.”
5Sebekuzwile lokho, babhabhadiswa egameni leNkosi uJesu. 6 UPawula esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, base bekhuluma ngezilimi, futhi baphrofetha. 7Babengamadoda abalelwa eshumini nambili sebebonke.
8Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu. 9 Kepha lapho abanye sebeqinise amakhanda, bengalaleli futhi bejivaza leyo Ndlela phambi kwesixuku, wasuka kubo, wathatha abafundi, waba nezinkulumompikiswano imihla ngemihla esikoleni sikaTharanu. 10Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.
11 UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawula, 12 ngangokuthi baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bakubeka phezu kwabagulayo; zase zisuswa kubo izifo zabo, baphuma nomoya ababi.
13Kepha abathile abayizanusi kubaJuda, ababehla benyuka, nabo bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwabanomoya ababi, bethi: “Ngiyaniyala ngoJesu amshumayelayo uPawula.”
Amadodana KaSkeva
14Kwakukhona uSkeva othile, umJuda, ongumphristi omkhulu, owayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. 15Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawula ngimejwayele, pho nina ningobani?”
16Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, esebahlulile bonke, wabanqoba; baze baphunyuka kuleyo ndlu babaleka behambaze, futhi belimele.
17Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu. 18Abaningi kulabo abakholwayo beza bavuma futhi badalula izenzo zabo. 19Kepha abanye balabo ababenza imilingo baqoqa izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Lapho sekubalwa inani lazo, kwatholakala ukuthi liyizinhlamvu zesiliva eziyizi-50 000. 20Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lasabalala, laba namandla.
21Kwathi sekwenzekile lokho, uPawula wanquma emoyeni wakhe ukuya eJerusalema, esenqamulile eMakhedoniya nase-Akhaya, wathi: “Uma sengifinyelele lapho kufanele ukuba ngiyobona neRoma.”
22Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya.
Isiphithiphithi SikaDemethriyu
23 Kepha ngaleso sikhathi kwasuka isiphithiphithi esikhulu maqondana neNdlela. 24Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemethriyu, umkhandi wesiliva owayenza amathempelana esiliva ka-Artemisi, wabalethela inzuzo enkulu abakhandi besiliva. 25Wabaqoqa laba kanye nezisebenzi ezenza lowo msebenzi, wayesethi: “Madoda, niyazi ukuthi umcebo wethu uvela kulo msebenzi. 26 Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla. 27Ngakho akusikho nje lokhu kuphela ukuthi umsebenzi wethu usengozini yokwedelelwa, kodwa nethempeli likankulunkulukazi omkhulu, u-Artemisi, kuyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe buphele nya, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.”
28Sebekuzwile lokho, bathukuthela bathelwa ngamanzi, bamemeza bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”
29Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula. 30UPawula wayesefuna ukungena phakathi kwabantu, kodwa abafundi abamvumelanga. 31Abanye futhi bababusi base-Asiya, abangabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angalokothi angene esigcawini.
32Abanye babememeza besho lokhu, abanye besho lokhuya, ngokuba isixuku sasiyaluza nje, futhi abaningi bengazi nokuthi kungani bebuthene. 33Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu. 34Kwathi ukuba bazi ukuthi ungumJuda, base bememeza bonke ngazwi linye, cishe amahora amabili, bethi: “Mkhulu u-Artemisi wabase-Efesu.”
35Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na? 36Ngakho-ke njengoba lezo zinto zingephikwe, kufanele ukuba nizibambe, ningenzi lutho ngamawala. 37Ngokuba nilethe la madoda angesibo abaphangi bamathempeli noma ahlambalaza uNkulunkulu wethu. 38Ngakho-ke uma uDemethriyu nezingcweti zabakhandi besiliva benodaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, futhi bakhona nababusi; mabamangalelane. 39Kepha uma nifuna okungaphezu kwalokho, kuyakudingidwa ebandla ngokusemthethweni. 40Impela sisengozini yokumangalelwa ngenxa yesiphithiphithi sanamuhla, ngokuba akukho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siyaluyalu.”
41Kuthe esekukhulumile lokho wawuhlakaza umbuthano.

Okuqokiwe okwamanje:

IZenzo 19: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo