IzEnzo 19:21-41

IzEnzo 19:21-41 CZB24

Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma. Wathuma eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo, uThimothewu no-Erastu; kepha yena wahlala isikhathi e-Asiya. Ngalesosikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincinyane mayelana laleyoNdlela. Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva, owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wayeletha izingcweti inzuzo enkulu; Wababizela ndawonye kanye nezisebenzi zaleyo misebenzi, wathi: “Madoda, niyazi nina ukuthi ingcebo yethu kulo msebenzi. Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla; Ngakho kayisikho lokhu kuphela umsebenzi wethu osengozini yokudelelwa; kodwa nokuba ithempeli likankulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuchithwa, nobukhosi bakhe buchithwe, okhulekelwa yi-Asiya yonke nomhlaba wonke. Sebezwile lawa mazwi bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu! Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu. Kwathi uPawulu esefuna ukungena esixukwini, abafundi abamvumelanga. Abanye bababusi base-Asiya, ababengabangane bakhe, bathumela kuye, bemncenga ukuba angazinikeli enkundleni yemidlalo. Ngakho abanye bamemeza okunye labanye okunye, ngoba umhlangano waphithizela; abaningi babengazi ukuthi babebuthene ngani. Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. Kodwa sebekwazi ukuthi ungumJuda, bonke ngazwi linye bamemeza kungathi amahola amabili, Mkhulu uDiyana wabaseEfesu! Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter? Ngakho njengoba lezizinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala. Ngokuba nilethile lawa madoda, angesibo abaphangi bamabandla, nabangabahlambalazi unkulunkulukazi wenu. Ngakho-ke uma uDemetriyu nezingcweti ezikanye naye benendaba nomuntu, umthetho uvuliwe, bakhona nababusi; mabamangalelane. Kepha uma nibuza utho ngezinye izinto, luyakunqunywa emhlanganweni osemthethweni. Ngoba sisengozini yokumangalelwa ngesiyaluyalu salamuhla, kungekho sizathu esingalandisa ngaso ngalo mbuthano. Eseshilo lokho walichitha ibandla.

Funda IzEnzo 19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo