IZenzo 15:22-41

IZenzo 15:22-41 ZUL20

Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane. Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya. Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze. Kube kuhle kithi, sinhliziyonye, ukuba sithumele kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu uBharnabha noPawula, abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu uKhristu. Ngakho-ke sithumele uJuda noSila ukuba bazonitshela mathupha lezo zinto. Ngokuba kube kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanethwesi mthwalo ngaphezu kwalokho okumele nikwenze: ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.” Ngakho-ke kuthe bangabemukisa, behlela e-Antiyokhiya, kuthe sebeqoqele ndawonye ibandla, balinika incwadi. Sebeyifundile, bathokoza ngamazwi ayo akhuthazayo. UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa. Sebehlale lapho isikhathi, bavaleliswa ngokuthula ngabazalwane, base bebuyela kulabo ababebathumile. Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. Kodwa uPawula noBharnabha bahlala e-Antiyokhiya, befundisa, futhi beshumayela ivangeli leNkosi kanye nabanye abaningi. Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBharnabha yena wanquma ukuhamba noJohane okuthiwa uMakhu. Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza. Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi. UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane. Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.

Funda IZenzo 15

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 15:22-41