IzEnzo 15:22-41

IzEnzo 15:22-41 ZUL59

Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya. Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle. Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo. OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo. Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi. Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi. Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Funda IzEnzo 15

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 15:22-41