IzEnzo 15:22-41

IzEnzo 15:22-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya. Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle. Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo. OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo. Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi. Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi. Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Dlulisela
Funda IzEnzo 15

IzEnzo 15:22-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane; Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya; Njengoba sizwile ukuthi abathile abaphuma kithi banikhathaze ngamazwi, bedukisa imiphefumulo yenu, besithi: Kumele lisokwe, ligcine umlayo, esingabanikanga umlayo onjalo. Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli; abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho sithumile oJudasi loSila, abazakhuluma kini lezizinto ngomlomo. Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba ningathwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo; ukuba nizile okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kukho, nenza kahle. Nisale kahle. Sebemukisiwe, beza e-Antiyokiya; Kwathi sebefundile bathokoza ngenduduzo. OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. Sebehlale khona isikhathi, bakhululwa abazalwane ngokuthula, baya kubaphostoli. Nokho kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. OPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya befundisa, beshumayela izwi leNkosi, kanye nabanye abaningi. Kwathi emva kwezinsuku ezithile uPawulu wathi kuBarnabasi: “Asibuye sihambele abazalwane bethu emizini yonke esishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi banjani. UBarnabasi wazimisela ukuhamba noJohane othiwa uMarku. Kepha uPawulu akabonanga kukuhle ukumthatha, ahambe nabo, yena owabashiya ePhamfiliya, akaya nabo emsebenzini. Kwaba khona ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana, uBarnabasi wamthatha uMarku, waya eKhupro ngomkhumbi; UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu. Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Dlulisela
Funda IzEnzo 15

IzEnzo 15:22-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane. Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya. Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze. Kube kuhle kithi, sinhliziyonye, ukuba sithumele kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu uBharnabha noPawula, abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu uKhristu. Ngakho-ke sithumele uJuda noSila ukuba bazonitshela mathupha lezo zinto. Ngokuba kube kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanethwesi mthwalo ngaphezu kwalokho okumele nikwenze: ukuba niyeke okuhlatshelwe izithombe, okunegazi, nenyama yesilwane esiklinyiweyo, nobufebe; uma nizithiba kulokho niyokuba nenza kahle. Salani kahle.” Ngakho-ke kuthe bangabemukisa, behlela e-Antiyokhiya, kuthe sebeqoqele ndawonye ibandla, balinika incwadi. Sebeyifundile, bathokoza ngamazwi ayo akhuthazayo. UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa. Sebehlale lapho isikhathi, bavaleliswa ngokuthula ngabazalwane, base bebuyela kulabo ababebathumile. Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. Kodwa uPawula noBharnabha bahlala e-Antiyokhiya, befundisa, futhi beshumayela ivangeli leNkosi kanye nabanye abaningi. Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” UBharnabha yena wanquma ukuhamba noJohane okuthiwa uMakhu. Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza. Kwaba khona ukuphikisana okunzima, baze bahlukana: uBharnabha wahamba noMakhu, wawelela naye eKhuphro ngomkhumbi. UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane. Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.

Dlulisela
Funda IzEnzo 15

IzEnzo 15:22-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)