2 USamuweli 6:3-15

2 USamuweli 6:3-15 ZUL20

Bawukhweza enqoleni entsha umphongolo kaNkulunkulu, bawususa endlini ka-Abhinadaba eyayiseGibheya. U-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abhinadaba, yibona ababeshayela leyo nqola entsha. Bayikhipha endlini ka-Abhinadaba eGibheya nomphongolo kaNkulunkulu; u-Ahiyo wayehamba phambi komphongolo. UDavide nendlu yonke yakwa-Israyeli bathokoza phambi kukaSimakade bebetha izinhlobonhlobo zokhehlegume, ezomsayiphuresi, amahabhu, izingubhu, izigubhu, ubuxhaka namasimbali. Lapho befika esibuyeni sikaNakhoni, u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu. UDavide wathukuthela ngenxa yokuthi uSimakade wayehlasele u-Uza, wayiqamba leyo ndawo ngokuthi iPheresi Uza, kuze kube namuhla. Ngalolo lusuku, uDavide wamesaba uSimakade, wayesethi: “Umphongolo kaSimakade uyakuza kanjani kimi na?” Ngakho-ke uDavide akavumanga ukuba umphongolo kaSimakade ulethwe kuye, emzini kaDavide, kodwa wawuchezukisa umphongolo kaSimakade, wawuyisa endlini ka-Obhede Edomi, umGithi. Umphongolo kaSimakade wahlala endlini ka-Obhede Edomi, umGithi, izinyanga ezintathu; uSimakade wambusisa u-Obhede Edomi nendlu yakhe yonke. Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile. Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo. UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe. UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.