2 uSamuweli 6:3-15

2 uSamuweli 6:3-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bawukhweza enqoleni entsha umphongolo kaNkulunkulu, bawususa endlini ka-Abhinadaba eyayiseGibheya. U-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abhinadaba, yibona ababeshayela leyo nqola entsha. Bayikhipha endlini ka-Abhinadaba eGibheya nomphongolo kaNkulunkulu; u-Ahiyo wayehamba phambi komphongolo. UDavide nendlu yonke yakwa-Israyeli bathokoza phambi kukaSimakade bebetha izinhlobonhlobo zokhehlegume, ezomsayiphuresi, amahabhu, izingubhu, izigubhu, ubuxhaka namasimbali. Lapho befika esibuyeni sikaNakhoni, u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu. UDavide wathukuthela ngenxa yokuthi uSimakade wayehlasele u-Uza, wayiqamba leyo ndawo ngokuthi iPheresi Uza, kuze kube namuhla. Ngalolo lusuku, uDavide wamesaba uSimakade, wayesethi: “Umphongolo kaSimakade uyakuza kanjani kimi na?” Ngakho-ke uDavide akavumanga ukuba umphongolo kaSimakade ulethwe kuye, emzini kaDavide, kodwa wawuchezukisa umphongolo kaSimakade, wawuyisa endlini ka-Obhede Edomi, umGithi. Umphongolo kaSimakade wahlala endlini ka-Obhede Edomi, umGithi, izinyanga ezintathu; uSimakade wambusisa u-Obhede Edomi nendlu yakhe yonke. Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile. Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo. UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe. UDavide, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bawenyusa kanjalo-ke umphongolo kaSimakade, ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.

2 uSamuweli 6:3-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha. Bayikhipha-ke endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni kanye nomphongolo; u-Ahiyo wahamba phambi komphongolo. UDavide kanye nendlu yonke ka-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi,* namahabhu,* nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.* Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu. UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla. UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?” Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti. Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke. Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula. Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo. UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni. Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.

2 uSamuweli 6:3-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Bawubeka umphongolo kaNkulunkulu enqoleni entsha, bawukhipha endlini ka-Abinadaba eyayiseGibeya; u-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abinadaba, bashayela inqola entsha. Balikhipha endlini ka-Abinadaba eseGibeya kanye nomphongolo kaNkulunkulu; u-Ahjo waphuma phambi komkhumbi. UDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli babetha phambi kukaJehova zonke izinsimbi zomthi womsayipuresi, nezingubhu, namahabhu, nezigubhu, nezingubhu, namasimbali. Lapho befika esibuyeni sikaNagoni, u-Uza welulela isandla sakhe emphongolweni kaNkulunkulu, wawuthatha; ngoba izinkabi zayinyakazisa. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza; uNkulunkulu wamshaya khona ngenxa yesiphambeko sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu. UDavide wadabuka ngokuba uJehova efohla e-Uza; wabiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-susa kuze kube namuhla. UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku, wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na? UDavide akathandanga ukulethela umphongolo kaJehova emzini kaDavide; kepha uDavide wayiphambukisela endlini ka-Obede Edomi umGiti. Umphongolo kaJehova wahlala izinyanga ezintathu endlini ka-Obede Edomi umGiti; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke. Kwasekutshelwa inkosi uDavida ukuthi: I Nkosi yabusisa indlu kaObede Edomi lakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wayesehamba, wawuletha umphongolo kaNkulunkulu ngokujabula endlini ka-Obede Edomi, wawusa emzini kaDavide. Lapho abathwali bomphongolo kaJehova sebehambe izinyathelo eziyisithupha, wahlaba izinkomo nezilo ezikhuluphalisiwe. UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni. UDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli bawukhuphula umphongolo kaJehova ngokujabula nangokukhala kwecilongo.