2 KwabaseKhorinte 4:7-12

2 KwabaseKhorinte 4:7-12 ZUL20

Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi. Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa. Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila, sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni yethu efayo. Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.