2 kwabaseKorinte 4:7-12
2 kwabaseKorinte 4:7-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi. Siyabandezelwa nxazonke, nokho asicindezelwe; siyaxakeka, kodwa asidangali; siyashushiswa, kodwa asidelwa; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kweNkosi uJesu, ukuze lempilo kaJesu ibonakaliswe emizimbeni yethu. Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Ngakho-ke kusebenza ukufa kithi, kodwa kinina ukuphila.
2 kwabaseKorinte 4:7-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi. Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa. Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila, sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni yethu efayo. Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.
2 kwabaseKorinte 4:7-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi. Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.
2 kwabaseKorinte 4:7-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)