2 KwabaseKhorinte 4

4
UPawula Ushumayela Ivangeli Ngesibindi
1 Ngakho-ke sinale nkonzo, ngokuba sahawukelwa, asidangali; 2 sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, futhi asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokuveza obala iqiniso, sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu. 3 Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwababhubhayo, 4 okuyibona unkulunkulu waleli lizwe eyiphuphuthekisile ingqondo yabangakholwa, ukuze lingakhanyi kubo ivangeli lenkazimulo kaKhristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. 5 Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uJesu uKhristu eyiNkosi, nathi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu. 6 Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.
Amazwi Evangeli Ayasiqinisa Kukho Konke
7 Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi. 8Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. 9 Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa. 10 Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. 11 Ngokuba sisaphila, sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni yethu efayo. 12 Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.
13 Njengalokhu sinawo lowo moya wokukholwa kuNkulunkulu njengokuba kusho embhalweni, ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma.”
Nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, 14 sazi ukuthi lowo owayivusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. 15 Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu.
16 Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. 17 Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa. 18 Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KwabaseKhorinte 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo