2 KwabaseKhorinte 3

3
UPawula Uyazincoma Ebandleni
1 Ngabe sesiqala ukuzincoma yini na? Kumbe nathi sidinga izincwadi zokusincoma kini noma ezivela kini njengoba abanye bezidinga na? 2 Nina niyincwadi yethu ebhalwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa futhi ifundwa ngabantu bonke. 3 Nibonakalisa ukuthi niyincwadi kaKhristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, elotshwe hhayi ngoyinki, kepha ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo. Ayilotshiwe ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.
4Sinethemba elinjalo ngoKhristu kuNkulunkulu, 5 kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, 6 okunguye owasenza safaneleka ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha kungesiso esomthetho, kodwa esikaMoya. Ngokuba incwadi ebhaliwe iyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
Inkazimulo Yenkonzo Entsha Iyayidlula Eyendala
7 Uma inkonzo yokufa eyayiqoshiwe ematsheni yafika inenkazimulo, kangangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengakwazi ukububuka ubuso bukaMose, ngenxa yenkazimulo ephelayo eyayisebusweni bakhe, 8pho inkonzo kaMoya ayiyukuba nenkazimulo enkulu kunayo na? 9 Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. 10Nalokho okwakhazimuliswa, kwakukade kungenankazimulo, uma kuqhathaniswa nale nkazimulo edluleleyo. 11Uma lokhu okuphelayo kwakunenkazimulo, pho kakhulu kangakanani inkazimulo yalokhu okumiyo njalo.
12 Ngakho-ke sinethemba elinjalo, senza ngesibindi, 13 asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu ukuze abakwa-Israyeli bangakuboni ukufiphala kwenkazimulo ephelayo. 14 Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu. 15Yebo, kuze kube yinamuhla noma yinini lapho kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo. 16 Kepha lapho umuntu ephendukela eNkosini, indwangu iyasuswa. 17 INkosi inguye uMoya, lapho kukhona khona uMoya weNkosi kunenkululeko. 18 Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.

Okuqokiwe okwamanje:

2 KwabaseKhorinte 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume