2 kwabaseKorinte 4

4
2 kwabaseKorinte 4
1Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali;
2Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.
3Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo;
4okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
5Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu iNkosi; futhi thina siyizinceku zenu ngenxa kaJesu.
6Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
7Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi.
8Siyabandezelwa nxazonke, nokho asicindezelwe; siyaxakeka, kodwa asidangali;
9siyashushiswa, kodwa asidelwa; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa;
10sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kweNkosi uJesu, ukuze lempilo kaJesu ibonakaliswe emizimbeni yethu.
11Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.
12Ngakho-ke kusebenza ukufa kithi, kodwa kinina ukuphila.
13Thina silomoya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ngakholwa, ngakho ngakhuluma; nathi siyakholwa, ngakho siyakhuluma;
14sisazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uzasivusa lathi ngoJesu, asethule kanye lani.
15Ngokuba konke kungenxa yenu, ukuze umusa ngokwandayo ngokubonga kwabaningi uvame, kube ludumo kuNkulunkulu.
16Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
17Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;
18Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 4: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo