Njengalokhu sinawo lowo moya wokukholwa kuNkulunkulu njengokuba kusho embhalweni, ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma.” Nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, sazi ukuthi lowo owayivusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa. Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.
Funda 2 KwabaseKhorinte 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 KwabaseKhorinte 4:13-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo