2 kwabaseKorinte 4:13-18
2 kwabaseKorinte 4:13-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Thina silomoya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ngakholwa, ngakho ngakhuluma; nathi siyakholwa, ngakho siyakhuluma; sisazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uzasivusa lathi ngoJesu, asethule kanye lani. Ngokuba konke kungenxa yenu, ukuze umusa ngokwandayo ngokubonga kwabaningi uvame, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi; Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.
2 kwabaseKorinte 4:13-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Njengalokhu sinawo lowo moya wokukholwa kuNkulunkulu njengokuba kusho embhalweni, ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma.” Nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, sazi ukuthi lowo owayivusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho asidangali, nakuba umuntu wethu wangaphandle ebhubha, nokho owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa. Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.
2 kwabaseKorinte 4:13-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lokhu sinawo lo moya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma,” nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, sazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade, thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.
2 kwabaseKorinte 4:13-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)