Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”
Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”
Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke. Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.
UJuda efika embonisweni ehlane, waphenduka wabuka ngalapho kwakunesixuku khona; bheka, kwakulele izigingqane zezidumbu zidindilize phansi, kungekho noyedwa ophunyukile. UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala. Ngosuku lwesine babuthana esiGodini iBherakha, bambonga lapho uSimakade. Igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi iBherakha, kuze kube namuhla.
UJehoshafathi wabahola bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema babuyela eJerusalema ngentokozo, ngokuba uSimakade wayebathokozisile ngokwehlula izitha zabo. Bafika eJerusalema bephethe izingubhu, amahabhu, namacilongo, bangena endlini kaSimakade.
Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli. Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.