Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 iziKronike 20:20
Ihubo LaseZulwini: Izinsuku Ezingu-12 Zokuthandaza NoPhil Wickham
Izinsuku eziwu 12
Siyakwamukela ochungechungeni lwenkonzo lwe-Hym of Heaven. Ukufunda kwansuku zonke okuhambisana neculo elihlukile le-albhamu yami, Ihubo Lezulu. Lezi zingoma zibhalelwe ukukhuthaza ukukhuleka ezinhliziyweni zabalaleli, futhi ngithandazela ukuthi lolu chungechunge lwenze okufanayo njengoba ufunda. Ngibonga kakhulu kumngani wami nomfundisi, u-Benji Horning, ngokungisiza ukuba ngiphilise le micabango. Sithandazela ukuthi ubusiseke!
Ukukholwa
Izinsuku eziwu 12
Ingabe ukubona kusho ukukholwa? Noma Ukukholwa kusho ukubona? Lena yimibuzo yenkolo. Loluhlelo lunikeza ukufunda okujulile ngokholo - kusukela kwizindaba zetestamente elidala ngabantu bangempela ababonisa isibindi sokholo ezimweni ezinzima kuze kufike ezimfundisweni za Jesu ngaloludaba. Ekufundeni kwakho, uzokhuthazwa ukuthi uqinise ubuhlobo bakho no Nkulunkulu nokuthi ube ngumlandeli wa Jesu othembekile.
Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.