2 iziKronike 20:20-30
2 iziKronike 20:20-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.” Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.” Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa. Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa. UJuda esefike embonisweni wasehlane, babheka isixuku; bheka, babe yizidumbu nje eziwele phansi, akusindanga noyedwa. Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo, bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona, kwaze kwangabakho ongazithwala; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka. Ngosuku lwesine babuthana esiGodini saseBerakha,* ngokuba bambonga uJehova khona; ngalokho igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi isiGodi saseBerakha kuze kube namuhla. Base bebuya bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo, ukuba babuyele eJerusalema ngentokozo, ngokuba uJehova wayesebathokozisile phezu kwezitha zabo. Bafika-ke eJerusalema benezingubhu namahabhu* namacilongo endlini kaJehova. Ingebhe ngoNkulunkulu yaba phezu kwayo yonke imibuso yamazwe, lapho isizwile ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli. Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.
2 iziKronike 20:20-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.” Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.” Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke. Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa. UJuda efika embonisweni ehlane, waphenduka wabuka ngalapho kwakunesixuku khona; bheka, kwakulele izigingqane zezidumbu zidindilize phansi, kungekho noyedwa ophunyukile. UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala. Ngosuku lwesine babuthana esiGodini iBherakha, bambonga lapho uSimakade. Igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi iBherakha, kuze kube namuhla. UJehoshafathi wabahola bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema babuyela eJerusalema ngentokozo, ngokuba uSimakade wayebathokozisile ngokwehlula izitha zabo. Bafika eJerusalema bephethe izingubhu, amahabhu, namacilongo, bangena endlini kaSimakade. Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli. Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.
2 iziKronike 20:20-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela. Ngemva kokubonisana nabantu, wabeka abahlabeleli enkazimulweni kaJehova ukuze badumise inkazimulo engcwele lapho bephuma phambi kwebutho, futhi bathi: “Dumisani uJehova! ngokuba umusa wakhe umi phakade. Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa. Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bavukela abakhileyo ezintabeni zaseSeyiri ukuba babashaye ngesiqalekiso, bababhubhise; UJuda esefika embhoshongweni wokulinda ehlane, babheka isixuku, bheka, kwakuyizidumbu eziwele phansi, kungaphunyuki muntu. Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuzothatha impango kubo, bathola phakathi kwabo ingcebo eningi kanye nezidumbu nezinto eziyigugu abazithathela zona, babengenakumuka nabo; baba yizinsuku ezintathu bebutha impango, yayiningi kakhulu. Ngosuku lwesine babuthana esigodini saseBeraga; ngoba lapho bamdumisa uJehova; ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: Isigodi saseBeraga kuze kube namuhla. Base bebuya bonke abantu bakwaJuda naseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo ukuba babuyele eJerusalema ngokujabula; ngoba uJehova wenza ukuba bajabule phezu kwezitha zabo. Bafika eJerusalema bephethe amahabhu nezingubhu namacilongo endlini kaJehova. Ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwayo yonke imibuso yalawo mazwe lapho isizwa ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli. Umbuso kaJehoshafati wawuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.