USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.
USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise. USolomoni wahamba nebandla lonke elalinaye, baya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ngokuba lalilapho ithende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe ehlane nguMose, inceku kaSimakade. Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema. I-althare lethusi elalenziwe nguBhezaleli, indodana ka-Uri kaHure, nalo wayelibeke phambi kwethabanakeli likaSimakade. USolomoni nebandla baya kulo ukuyobuza kuSimakade. USolomoni wakhuphuka waya e-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade, lisethendeni lokuhlangana, wanikela kulo ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane.
Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”
USolomoni wathi kuNkulunkulu: “Ubaba uDavide umenzele umusa omkhulu, nami ungibeke inkosi esikhundleni sakhe. Manje Simakade Nkulunkulu, izwi lakho owalisho kuDavide ubaba maliqiniswe, ngokuba ungibekile inkosi phezu kwabantu abaningi ngangothuli lomhlabathi. Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?”
UNkulunkulu wayesethi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuvela enhliziyweni yakho ukuba ungaceli ingcebo, imfuyo, nodumo, nokuba abakuzondayo bafe, futhi ungacelanga ukuphila isikhathi eside, kodwa ucele ukuhlakanipha nokwazi ukuze wehlulele abantu bami engikubeke ukuba ube yinkosi yabo; ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.”
USolomoni wabuya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ethendeni lokuhlangana, waya eJerusalema, wabusa u-Israyeli.