2 IZikhronike 1

1
Ukudlondlobala Kombuso KaSolomoni
Umnikelo Nephupho Lakhe EGibheyoni
1 USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.
2 USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise. 3 USolomoni wahamba nebandla lonke elalinaye, baya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ngokuba lalilapho ithende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe ehlane nguMose, inceku kaSimakade. 4 Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema. 5 I-althare lethusi elalenziwe nguBhezaleli, indodana ka-Uri kaHure, nalo wayelibeke phambi kwethabanakeli likaSimakade. USolomoni nebandla baya kulo ukuyobuza kuSimakade. 6 USolomoni wakhuphuka waya e-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade, lisethendeni lokuhlangana, wanikela kulo ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane.
7 Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”
8 USolomoni wathi kuNkulunkulu: “Ubaba uDavide umenzele umusa omkhulu, nami ungibeke inkosi esikhundleni sakhe. 9 Manje Simakade Nkulunkulu, izwi lakho owalisho kuDavide ubaba maliqiniswe, ngokuba ungibekile inkosi phezu kwabantu abaningi ngangothuli lomhlabathi. 10 Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?”
11UNkulunkulu wayesethi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuvela enhliziyweni yakho ukuba ungaceli ingcebo, imfuyo, nodumo, nokuba abakuzondayo bafe, futhi ungacelanga ukuphila isikhathi eside, kodwa ucele ukuhlakanipha nokwazi ukuze wehlulele abantu bami engikubeke ukuba ube yinkosi yabo; 12 ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.”
Amandla Nengcebo KaSolomoni
13 USolomoni wabuya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ethendeni lokuhlangana, waya eJerusalema, wabusa u-Israyeli.
14 USolomoni waqoqa izinqola nabamahhashi, waba nezinqola eziyi-1 400, nabamahhashi abayizi-12 000, wakubeka emizini yezinqola naseJerusalema, lapho ayehlala khona.
15Inkosi yenza isiliva negolide kwaba yinsada eJerusalema njengamatshe, imisedari yayenza yaba njengemithombe esigodini ngobuningi. 16Amahhashi kaSolomoni ayevela eGibhithe naseKhuwe. Labo ababehwebela inkosi babewathenga eKhuwe. 17Bathenga eGibhithe inqola, bayidayisa ngamashekeli esiliva angama-600, ihhashi lilinye libiza amashekeli ayi-150. Bathengisela wonke amakhosi amaHithi namakhosi ama-Aramu ngaleyo ndlela.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo