2 iziKronike 1:1-13
2 iziKronike 1:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala. USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise. USolomoni wahamba nebandla lonke elalinaye, baya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ngokuba lalilapho ithende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe ehlane nguMose, inceku kaSimakade. Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema. I-althare lethusi elalenziwe nguBhezaleli, indodana ka-Uri kaHure, nalo wayelibeke phambi kwethabanakeli likaSimakade. USolomoni nebandla baya kulo ukuyobuza kuSimakade. USolomoni wakhuphuka waya e-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade, lisethendeni lokuhlangana, wanikela kulo ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane. Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi kuNkulunkulu: “Ubaba uDavide umenzele umusa omkhulu, nami ungibeke inkosi esikhundleni sakhe. Manje Simakade Nkulunkulu, izwi lakho owalisho kuDavide ubaba maliqiniswe, ngokuba ungibekile inkosi phezu kwabantu abaningi ngangothuli lomhlabathi. Manje ngiphe ukuhlakanipha nokwazi ukuze ngihole laba bantu, ngokuba ngubani ongehlulela laba bantu bakho abaningi kangaka na?” UNkulunkulu wayesethi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi lokhu kuvela enhliziyweni yakho ukuba ungaceli ingcebo, imfuyo, nodumo, nokuba abakuzondayo bafe, futhi ungacelanga ukuphila isikhathi eside, kodwa ucele ukuhlakanipha nokwazi ukuze wehlulele abantu bami engikubeke ukuba ube yinkosi yabo; ngiyakukunika ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, imfuyo, nodumo angazange abe nakho amakhosi akwandulelayo, nalawo ayokulandela awayukuba nakho.” USolomoni wabuya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ethendeni lokuhlangana, waya eJerusalema, wabusa u-Israyeli.
2 iziKronike 1:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu. USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise. Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye, waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane. Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavide wayewukhuphulile eKiriyati Jeharimi, wawuyisa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngokuba wayewumisele itende eJerusalema. Futhi i-altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka-Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele* likaJehova; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo. USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e-altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo. Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.” Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe. Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi. Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume, ngingene phambi kwalabo bantu, ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?” Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni: “Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho, ungacelanga ingcebo, nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo, futhi ungacelanga imihla eminingi, kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo, uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho, nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.” USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.
2 iziKronike 1:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
USolomoni indodana kaDavide wamqinisa embusweni wakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamenza waba mkhulu kakhulu. USolomoni wakhuluma ku-Israyeli wonke, ezinduneni zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise. USolomoni nebandla lonke bahamba naye baya endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni; ngoba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu uMose inceku kaJehova alenza ehlane. Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavida wakhuphula umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi wayiswa endaweni uDavide ayewulungisele yona, ngoba wawumisele ithende eJerusalema. Wabeka i-altare lethusi uBhezaleli indodana ka-Uri kaHure alenzile phambi kwetabernakele likaJehova; uSolomoni nebandla bakufuna. USolomoni wakhuphukela khona e-altare lethusi phambi kukaJehova elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela phezu kwalo iminikelo yokushiswa eyinkulungwane. Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokho engizakukunika khona.” USolomoni wasesithi kuNkulunkulu: Wena wenzele ubaba uDavida umusa omkhulu, wangimisa inkosi esikhundleni sakhe. Manje, Jehova Nkulunkulu, mawugcwaliseke isithembiso owasenza kubaba uDavide, ngoba ungenze inkosi phezu kwesizwe esingangothuli lomhlabathi ngobuningi. Khathesi ngiphe ukuhlakanipha lokwazi ukuze ngiphume ngingene phambi kwalababantu; ngoba ngubani ongahlulela lababantu bakho abakhulu kangaka? UNkulunkulu wathi kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi kwakusenhliziyweni yakho, futhi awucelanga ingcebo, nengcebo, noma udumo, noma ukuphila kwezitha zakho, futhi awucelanga ukuphila isikhathi eside; kepha wacela ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi ngabo. Ukuhlakanipha nokwazi uyakuphiwa; ngiyakukunika ingcebo, nengcebo, nodumo, amakhosi angaphambi kwakho angazange abe nawo, angabikho omunye emva kwakho. USolomoni wayesesuka ohambweni lwakhe, waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, waya eJerusalema, esuka phambi kwetende lokuhlangana, wabusa phezu kuka-Israyeli.