1 USamuweli 8:10-18

1 USamuweli 8:10-18 ZUL20

USamuweli wabatshela abantu ababecele kuye inkosi wonke amazwi kaSimakade. Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki bamakha, nabapheki, nababhakizinkwa. Iyakuthatha amasimu enu, izivini zenu neminqumo yenu emihle, iyakukuthatha ikunike izinceku zayo. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. Iyakuthatha izinceku zenu, izincekukazi zenu, izinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, yenze ngazo imisebenzi yayo. Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nina nibe yizinceku zayo. Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”