1 uSamuweli 8:10-18
1 uSamuweli 8:10-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USamuweli wabatshela abantu ababecele kuye inkosi wonke amazwi kaSimakade. Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki bamakha, nabapheki, nababhakizinkwa. Iyakuthatha amasimu enu, izivini zenu neminqumo yenu emihle, iyakukuthatha ikunike izinceku zayo. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. Iyakuthatha izinceku zenu, izincekukazi zenu, izinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, yenze ngazo imisebenzi yayo. Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nina nibe yizinceku zayo. Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”
1 uSamuweli 8:10-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
USamuweli wakhuluma onke amazwi kaJehova kubantu abacela kuye inkosi. Wathi: “Nansi indlela yenkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, iwamisele wona abe yizinqola zayo nangabamahhashi bayo; abanye bayakugijima phambi kwezinqola zakhe. Iyakummisa abe yinduna yenkulungwane nenduna yamashumi ayisihlanu; futhi iyozimisela ukuba zilime insimu yayo, zivune isivuno sayo, yenze izikhali zayo zempi nezinqola zayo. Iyakuthatha amadodakazi enu abe abapheki, nabapheki, nababhaki. Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle kunayo yonke, ikunike izinceku zayo. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwezivini zenu, ikunike izinceku zayo nezinceku zayo. Iyakuthatha izinceku zenu nezincekukazi zenu nezinsizwa zenu ezinhle nezimbongolo zenu ikwenzele umsebenzi wayo. Izathatha okwetshumi kwezimvu zenu, lina libe yizinceku zayo. Niyokhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona; uJehova akayikunilalela ngalolo suku.
1 uSamuweli 8:10-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova. Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa. Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. Iyakuthatha izinceku zenu, nezincekukazi zenu, nezinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo. Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo. Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”