1 uSamuweli 8:10-18

1 uSamuweli 8:10-18 ZUL59

USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova. Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo; iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa. Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo. Iyakuthatha izinceku zenu, nezincekukazi zenu, nezinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo. Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo. Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo