1 USamuweli 18:5-16

1 USamuweli 18:5-16 ZUL20

UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza. Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.” USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku. Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe. USawule waciba umkhonto, wathi: “Ngiyakumphisela odongeni uDavide.” Kepha uDavide wagwija kwaze kwaba kabili phambi kwakhe. USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye. USawule wamqhelisa kuye, wayesembeka ukuba abe ngumkhuzi wempi yakhe yenkulungwane; ehola abantu, ephuma engena nabo. UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye. USawule ebona ukuthi uDavide unempumelelo, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayebahola, engena ephuma nabo.