1 uSamuweli 18:5-16

1 uSamuweli 18:5-16 ZUL59

UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo. Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.” USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili. Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo.