1 uSamuweli 18:5-16

1 uSamuweli 18:5-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo. Abesifazane bavumelana ngokudlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.” USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili. Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe. USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule. Ngalokho uSawule wamsusa kuye, wambeka abe yinduna yakhe yenkulungwane; wayephuma engena phambi kwabantu. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye. Lapho uSawule ebona ukuthi waziphatha ngokuhlakanipha, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayephuma engena phambi kwabo.

1 uSamuweli 18:5-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza. Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.” USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.” USawule wamqaphelisisa uDavide kusukela kulolo lusuku. Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe. USawule waciba umkhonto, wathi: “Ngiyakumphisela odongeni uDavide.” Kepha uDavide wagwija kwaze kwaba kabili phambi kwakhe. USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye. USawule wamqhelisa kuye, wayesembeka ukuba abe ngumkhuzi wempi yakhe yenkulungwane; ehola abantu, ephuma engena nabo. UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye. USawule ebona ukuthi uDavide unempumelelo, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayebahola, engena ephuma nabo.

1 uSamuweli 18:5-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UDavide waphuma nomaphi lapho uSawule emthuma khona, wenza ngokuhlakanipha; uSawule wammisa phezu kwamadoda empi, waba muhle emehlweni abo bonke abantu nasemehlweni ezinceku zikaSawule. Lapho befika, lapho uDavide ebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela futhi besina ukuhlangabeza inkosi uSawule ngezigubhu nokujabula nezinsimbi zokubethwa. Abesifazane baphendulana bedlala, bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, uDavide amashumi ezinkulungwane zakhe.” USawuli wathukuthela kakhulu, lelizwi laba libi kuye; uthi: Banika uDavide izinkulungwane eziyishumi, banginika izinkulungwane kuphela; futhi yini angaba nayo ngaphezu kombuso? USawule wambheka uDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke. Kwathi ngangomuso umoya omubi kaNkulunkulu wehlela uSawule, waprofetha phakathi kwendlu; uDavide wabetha ngesandla sakhe njengakuqala, kwakukhona umkhonto esandleni sikaSawule. USawule wawuphonsa umkhonto; ngoba wathi: Ngizamtshaya uDavida ngalo emdulini. UDavide wasuka kabili ebusweni bakhe. USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, wasuka kuSawule. Ngakho uSawule wamsusa kuye, wambeka umbusi wenkulungwane; waphuma, wangena phambi kwabantu. UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye. Ngakho lapho uSawule ebona ukuthi uhlakaniphe kakhulu, wamesaba. Kepha wonke u-Israyeli noJuda bamthanda uDavide, ngokuba wayengena ephuma phambi kwabo.