1 USamuweli 17:20-24

1 USamuweli 17:20-24 ZUL20

UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo. U-Israyeli namaFilisti bayihlela impi yabo ukuze batholane phezulu. UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo. Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli kwathi ukuba bambone lowo muntu babaleka, ngoba babesaba kakhulu.