1 uSamuweli 17:20-24
1 uSamuweli 17:20-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wavuka ekuseni ngovivi, washiya izimvu kumlindi, wathatha ayekuthunyiwe, wangena indlela, njengalokhu uJese emyalile. Wafika enqabeni ngesikhathi impi iphuma ukuyozihlela, kusakhuzwa iziqubulo. U-Israyeli namaFilisti bayihlela impi yabo ukuze batholane phezulu. UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo. Kepha esakhuluma nabo; bheka, kwenyuka isikhondlakhondla somFilisti waseGathi, uGoliyathi igama laso, saphuma ezinhleni zamaFilisti, saphinda wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli kwathi ukuba bambone lowo muntu babaleka, ngoba babesaba kakhulu.
1 uSamuweli 17:20-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi. U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana. UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo. Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu.
1 uSamuweli 17:20-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumalusi, wazithatha, wahamba, njengalokho emyalile uJese; wafika emseleni lapho impi iphuma impi, yakhala impi. U-Israyeli namaFilisti bamisa impi, impi ibhekene nempi; UDavide wayishiya inqola yakhe esandleni sabalindi, wagijimela ebuthweni, wafika wabingelela abafowabo. Esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe, umFilisti waseGati, ogama lakhe linguGoliyati, liphuma emabuthweni amaFilisti, lakhuluma wona lawo mazwi, uDavide wawezwa. Lapho wonke amadoda akwa-Israyeli eyibona le ndoda, abaleka phambi kwayo futhi esaba kakhulu.