1 uSamuweli 17:20-24

1 uSamuweli 17:20-24 ZUL59

UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi. U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana. UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo. Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu.