1 KaPhethro 3:2-6

1 KaPhethro 3:2-6 ZUL20

kepha ngokubona inkambo yenu emsulwa, esekwesabeni. Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, okokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo ezikhangayo, kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. Ngokuba babekade bezihlobisa kanjalo abesifazane abakholwayo, labo abethemba uNkulunkulu, futhi bewathobela amadoda abo, njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KaPhethro 3:2-6